Kubalulekile ukukhokhela ngokugcwele izindleko zikagesi wakho. Ukwenza njalo kuqinisekisa ukuthi ungasaleli emuva. Esikhathini esiningi amakhasimende akhokha ingxenye yesikweletu okumele asikhokhe ngoba ecabanga ukuthi lokhu kuyogwema ukucinyelwa ugesi. Uma ingxenye osalele ngayo emuva ingakhokhwa nangenyanga ezayo, isikweletu sakho senyuka kakhulu ungabe usakwazi ukusikhona.
Qaphela ukuthi ukukhokha izingxenye njalo zemali okufanele ngabe uyayikhipha kungaholela ekucinyelweni ugesi. Uma ubona ukuthi ususele emuva kakhulu ngesikweletu, xhumana nomphakeli kagesi wakho nixoxisane ngendlela yokulungisa lesi simo.
Kuyoba nenzalo ekhokhwayo enanini lelo olikweletayo uma ikhasimende lingakhokhi kwanhlobo noma likhokha amancozu noma likhokha sekwedlule isikhathi. Lesi simo sokungakhokhi kahle siholela ekwenyukeni kwenani elikhokhwayo njalo ngenyanga.
Uma kade usayinde isivumelwane sokukhokha isikweletu nomphakeli wakho kagesi, sigcine leso sivumelwane. Uma wehluleka, ugesi wakho uyocinywa. Kodwa uma isimo sakho sesiguquke saba sibi kakhulu ngemuva kokusayinda isivumelwane, kumele wazise ngokushesha umphakeli wakho kagesi. Kungenzeka kudingeke uveze ubufakazi besimo sakho esiguqukile.
Uma unohlobo logesi wesikweletu, qaphela inani likagesi olisebenzisayo, Kuleyo naleyo ncwadi yesikweletu, kumele kube nenani ovule ngalo lesibalo (ekuqaleni kwenyanga) bese kuba yisibalo okuvalwe ngaso (ekupheleni kwenyanga). Lokhu kukunika ithuba lokwazi inani selilonke olisebenzisile kuleyo nyanga. Kumele ubhekisise ukuthi inani lesibalo ekuqaleni kwenyanga liyefana nelokugcina enyangeni edlule. Uma lelinani lingahambisani, funa incazelo kumphakeli wakho kagesi. Ngesinye isikhathi abafunda inani logesi benza iphutha.
Bhekisisa intengo yesibalo ngasinye.
Kubalulekile ukwazi ukuthi umphakeli kagesi kufanele akukhokhise malini Isibalo senani ngalinye (Kwh) sogesi osisebenzisayo. Uma ungazi, kufanele ubuze kulowo okuphakela ugesi noma uMlawuli kaGesi wezinga likaZwelonke. Ukuze uqonde kahle ukuthi ukhokhiswe kanjani kuleyo nyanga, kudingeka uthathe imali yonke okuthiwa yikhokhe (amarandi) uyihlukanise ngenani lesibalo osisebenzise kuleyo nyanga. Umphumela kuyoba yintengo yesigamu ngasinye senani (I-unithi).
Uma unegunya lokuzikhethela, ungaguqukela emitheni esebenzisa ikhadi lapho uzithengela khona inani elithile logesi.
Khumbula ukuthi uyokhokhiswa imali ethile ukwenza lolu hlelo. Intengo yalokhu iya ngamandla kagesi osetshenziswayo.
Ulwazi lokulawula inani likagesi elisetshenziswayo.
Uma isikweletu sakho sisalele ngemuva, kungadingeka ukhokhe ngokugcwele leyo ngxenye ngaphambi kokuguqukela ohlelweni lwekhadi. Ubuhle balolu hlelo oluchazwe ngenhla lwedlula izingqinamba zokuqala okumele uhlangabezane nazo ngaphambi kokuguquka (njengentengo yokuqala okumele uyikhokhe). Thola kumphakeli wakho kagesi ukuthi yimiphi imigomo nenkambiso asebenza ngayo. Ngokuvamile, abanye abaphakeli bakagesi bafuna amakhasimende asayinde isivumelwane sokuqeda isikweletu ngesikhathi esithile.
Ukusebenzisa ugesi ngokunakekela kuyokusiza ekwehliseni izinga lokuwusebenzisa nezindleko zanyanga zonke. Ungakwenza kanjani lokhu Izitofu, izishisisi-manzi (amagiza) kanye nezinsiza-kotha (amahitha) yizona zinto ezidla kakhulu ugesi nezenyusa isikweletu sakho sogesi?
Uma unesishisisa-manzi, qiniseka ukuthi isilawuli zinga lokushisa awusibeki ezingeni eliphezulu. Isilawuli zinga ungasibeka ezingeni elicishe libe wu-60. Ungaya kumphakeli kagesi uthole iseluleko ngalokhu.
Ukwehlisa amandla kagesi esishisisini-manzi: uma unawo amandla, ungehlisa izinga lamandla kagesi aya esishisisini-manzi kanjalo lokhu kwenziwa nasemapayipini ahamba amanzi. Lolu hlelo lwehlisa kakhulu izindleko zogesi kodwa kuhambisana nokukhokha imadlana ethile lapho ufuna ukukwenza.
Isitofu: qiniseka ukuthi awuvuleli phezulu wonke amapuleti esitofu ngasikhathi sinye. Iseluleko wukuba unciphise umlilo epuletini uma selibila ibhodwe lakho. Ungasebenzisi uhhavini njengendlela yokotha ngoba uhhavini usebenzisa ugesi omningi.
Isiza-kotha: izinsiza-kotha zogesi zidla ugesi omningi. Uma unayo insiza-kotha yegesi, welulekwa ukuba uvule umucu owodwa wensiza-kotha yakho. Kodwa phela uzoqonda ukuthi lokhu kuyokwelula isikhathi ngaphambi kokuba kufudumale indlu.
Ukuvala thaqa usilinga: enye indlela yokunciphisa ukulahleka kokufudumala wukuvala usilinga endlini yakho.
Ukukhanyisa: isibani esivalekile esinengilazi siletha ukukhanya okubanzi kanti ugesi omningi awudleki.
Ungakwazi ukuxhumana nomphakeli wakho kagesi ukuze uthole eminye imininingwane.
Uthini umthetho ngokucinyelwa ugesi?
Umthetho woGesi ka1987 ochitshiyelwe unika igunya umphakeli kagesi ukuba awucime uma singakhokhwa isikweletu noma ikhasimende lingahambisani nemibandela yokuphakelwa kogesi. Kodwa umthetho udinga ukuthi umphakeli kagesi anike ikhasimende isaziso sezinsuku ezingu 14 ngaphambi kokunqamula ukuphakela lelo khasimende ugesi. Lesi sikhathi siqala ngosuku olubhalwe encwadini. Isaziso esisencwadini yesikweletu sanyanga zonke semukelekile naso. Amakhasimende ayacelwa ukuba abheke umbhalo osencwadini yesikweletu.
Khumbula ukuthi umuntu wokuqala okumele ukhale kuye wumphakeli wakho kagesi oseduze.
Ikhasimende linegunya lokufaka isikhalo ngezinga lomsebenzi owenziwa wumphakeli kagesi oseduze nalo.
Umphakeli kagesi osendaweni yakho uphoqelekile ukulalela, nokubhekane nesikhalo.
Uma wena njengekhasimende ungenelisekile wumphumela noma indlela okuphathwe ngayo isikhalo, udaba lungedluliselwa kuMlawuli kaGesi wezinga likaZwelonke (NER) ukuze kutholakale isixazululo.
